Angase aphucwe isicoco 'uMiss' okutholakale ukuthi unama-tattoo

2016-08-08 19:03

Gaborone - Uzime omusha waseBotswana angase aphucwe isicoco sakhe ngenxa yama-tattoo.

UThata Kenosi unqobe isicoco sikazime ngoLwesihlanu eGaborone International Convention Centre, kanti kungakapheli nokujabula kuqubuke imibiko ethi unama-tattoo.

UKenosi kuthiwa une-tattoo ewuphawu lwesiphambano emqaleni nenye ngasesifubeni.

Abathandi balo mncintiswano bakhala ngokuthi le midwebo esemzimbeni wakhe ingase iholele ekutheni aphucwe isicoco.

Funda nalolu daba: Owesilisa ushaye umkakhe ngoba efunde kakhulu kunaye

Izithombe zama-tattoo zigcwale enkudleni yezokuxhumana nokwenze abanye bathi akaphucwe lesi sicoco.

Ekhuluma neSowetan, uKenosi uthe ngeke akuphike noma avume ukuthi unawo ama-tattoo.

"Angifuni abantu bagxile ezintweni ezimbi. Asisebenzisane ukuze mhlawumbe nginqobe u-Miss World," usho kanje.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...