Angase adlelwe umuzi umculi wakuleli - Umbiko

2018-03-19 18:00

Johannesburg - Ngokwemiqulu eseNkantolo eNkulu eSouth Gauteng efakwe abakwa-Nedbank, umculi owaziwa ngelikaZahara, ukweleta ibhange imali engu- R1 731 684.62 ngomuzi wakhe oseRoodepoort, eGol.

Imiqulu iqukethe isitatimende esifungelwe sesinye sezikhulu zebhange esiveza ukuthi ibhange lanikeza lo mculi, uBulelwa Mkutukana, imali yokuthenga umuzi ngoJulayi 2012.

Imininingwane ikhomba ukuthi indlu yokuqala yakhe yenziwa ingxenye yesivumelwano.

Ngokwamaphepha asenkantolo, uZahara usalele ngemuva ngemali engu-R22 153.96, kanti ibhange lifuna inkantolo ikhiphe umyalelo yokuba ibuyiswe le mali ayikweletayo.

OLUNYE UDABA: USom G uthembisene umshado nesinqandamathe sakhe

Amaphepha aveza nokuthi isitolimende sendlu singu-R19 481.06 ngenyanga.

Kuthiwa ngokwamaphepha lo mculi wagcina ukukhokha isitolomende esingu-R19 481.06 ngoJuni 2017.

Kubikwa ukuthi ngendlela enkulu ngayo imali ayikweleta ibhange, ngisho ukudayiswa kwezinto zakhe ngeke kusenza mehluko esikweletini sakhe.

UZahara akatholakalanga ukuba aphawule.

Imenenja yakhe u-Oyama Dyosibo ayivumanga ukuphawula ngalolu daba.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...