Angahle adedelwe ngoshwele u-Jub Jub ejele - Umbiko

2016-04-11 11:31

Johannesburg – Ujub Jub nomngani wakhe uThemba Tshabalala sebeqede uhhafu wesigwebo sabo seminyaka engu-8 bebhadla ejele  kubika iTimeslive.

Laba baboshwa ngemuva kokuthi bashayisa izingane zesikole ngonyaka ka-2012, kanti ngokusho kukaSingabakho Nxumalo okhulumela abamnyango wokuqondiswa kwezigwegwe lo mculi angathola ushwele ngoDisemba.

OLUNYE UDABA:OweTrompies ufuna ukuhlanganisa uJub Jub nemindeni

"Ngokwenqubomngomo, isiboshwa asisifaki isicelo kodwa siye sikhethwe ngemuva kokudonsa isikhathi esithile ejele. Kulokhu isiboshwa singadedelwa ngoshwele uma sesiqede uhhafu wesigwebo,”kusho uNxumalo.

Imindeni emibili ithe ingawuvuma lo shwele uma uJub jub engaxolisa kuwona kuqala. Omunye umndeni uthe ngeke bawamukele ushwele.

“Kumele abhadle ejele, kodwa uma uhulumeni ufuna ukumdedela, bangakwenza lokho. Akazihluphanga nokuzihlupha ngokuxolisa, futhi angifuni nokuthi axolise ngifuna abhadle ejele impilo yakhe yonke.”

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...