Amawele ama-'Idols' avikele umfundisi osolwa ngawocansi

2017-04-19 16:04

Durban - Ashaqise abalandeli awo amawele ake azama inhlanhla kumncintiswano wokuvundulula ikhono lomculo, ama-Idols SA, uNeliswa no-Anele Mxakaza evikela umfundisi osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi amantombazane.

La mawele aphuma emaphepheni ngemuva kokuvela kuma-Idols ngo-2014 ngesikhathi unina ewakhipha emzini walo mfundisi oseMhlanga Ridge, eThekwini.

UNeliswa ubhale enkundleni yezokuxhumana uFacebook ngoLwesibili (izolo) evikela lo mfundisi emubiza "ngendoda enamahlaya".

OLUNYE UDABA: OKlebe bayaqhubeka nophenyo ngomfundisi 'olala nezingane'

"Uyindoda enamahlaya futhi ehlezi ikhuluma ngoKrestu neBhayibheli noma yikuphi," kusho uNeliswa.

Uqhube ngokuthi: "Ngaphandle kokuthi ngiyamuthanda, uNkulunkulu ungivezele ukuthi uyindoda enjani. Useduzane nehliziyo kaNkulunkulu."

Ngesikhathi iphephandaba iSowetan lithinta uNeliswa ngocingo ayiphumelelanga njengoba belulokhu lukhalile lungabanjwa kanti nemiqhafazo ethunyelelwe kuye akazange ayiphendule.

Udadewabo u-Anele uthe: "Namanje ngisakholelwa kuDaddy nakuba kukhulunywa kabi ngaye. UNkulunkulu ungivezele izinto ezingenza ngihlalele ethembeni manje."

Neliswa1.jpg

 Anele1.jpg

Nasi isiqephu se-Special Assignment:

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...