Amankwahla ahlale obala kumagidangoma kowakaMaskandi

2017-10-29 14:07

eThekwini - NgoMgqibelo ebusuku abathandi bomculo kaMaskandi bahlanganyele ehholweni lomphakathi eBarath eThekwini njengoba bekunomcimbi owaziwa ngoKuthula Maskandi Art Promotion.

Yize bebengekho baningi abathandi bomculo wesintu kulokhu ngoba lona bekungumcimbi wokwendlalela umcimbi omkhulu ozoba ngenyanga ezakho ngomhlaka25 eCurries Fountain.

Lo mcimbi ubuxube abaculi amavukane okungabaculi abasafufusa kanye noqhawe lami.

Okuvele kwacaca kulo mcimbi wukuthi bazimisele kakhulu abaculi abasafufusa, futhi izingoma zabo ziphethe umlayezo.

UBobo uMfana wepiki ufike zashaya ingoma yakhe ethandwa kakhulu ethi inxeba lendoda alihlekwa nami ngiyazabalaza. 

Lo mcimbi ubuphethwe wumfana omncane osakazela iRadioDUT uMfanuphetheni owenze ngakho konke okusemandleni ukujabulisa abathandi bomculo ngamancoko.

OLUNYE UDABA:Bekusindwe ngobethole kowamaNtshontsho kaMaskandi Awards

Abaculi abafana noBuselaphi, uBobo uMfanawepiki, uMkhathazi, uGadla, uQhosha,Amageza Amahle kanye nabanye bebeshiyelana inkundla.

Bebekhona nabaculi abafana noNgelo V, Igcokama Elisha neChalaha likaShafuza yize bengazange beshaye ingoma ngoba bebebuya komumnye umcimbi.

Undoni ongumculi kaMaskandi ubemelwe amagidangoma akhe njengoba ehlelwa thinking esendleleni eza lapha kulo mcimbi.

"Sithanda ukuxolisa kakhulu kwenzeke inkinga uNdoni uvele wawa phansi, useaibhedlela njengamanje. Sicela nisibeke emthandazweni," kusho sisebenzisana nalo mculi.

Yize engafikanga lo mculi, amagidangoma akhe aqhubeke nomsebenzi, eshaya ingoma kwajabula bonke abantu abebekhona.

Injabulo ibimandla kakhulu kubantu besimame ngoba kuningi abakubone ngesikhatha amagidangoma eshaya adume ngazo kodwa konke bekuhleli obala ngaphansi kwamabheshu.

Wena owezwa ingoma kaVumile Mngoma ethi itotolozi liyavela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...