'Alwehlanga lungehli emndenini wakwaMalinga'

2018-01-02 13:57

Johannesburg -  Umsakazeli omkhulu kuleli i-SABC ichaze inkakha yomculo we-Afro-pop uRobbie Malinga njengomculi onekhono kanti igalelo lakhe embonini yomculo wakuleli liyohlezi liyigugu.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago ubengomunye wabahambele inkonzo yomngcwabo waleli sihlabani obubanjelwe esontweni iRhema Bible eRandburg, enyakatho yeGoli.

OLUNYE UDABA:Umunyu uKelly Khumalo evalelisa uRobbie Malinga ngengoma

Lo mculi, ongumbhali futhi enguphrojusa udlule emhlabeni ngoKhisimusi kulandela ukuxinwa yisifo somdlavuza.

UKganyago uthe abakwa-SABC bayohlala bebonga ngomsebenzi kaMalinga.

Singabakwa-SABC sithi alwehlanga lungehli emndenini wakwaMalinga.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...