Alokhu angene njalo amazwi enduduzo ngokushona kosaziwayo abathathu

2018-04-29 10:19

eThekwini -  INingizum Afrika yonke ishaqekile ngezindaba zangoMgqibelo ntambama zokushona kwalowo ongumethuli wezinhlelo u-Akhumzi Jezile.

Lo saziwayo owayengumethuli wezinhlelo zezingane i-Yo TV kanti wayelingisa nasemidlalweni eyahlukahlukene ushone ngoMgqibelo engozini eyenzeke e-Eastern Cape ehamba nabanye abantu abane.

Abanye osaziwayo okukholakala ukuthi bashone kule ngozi nguSiyasanga Kobese oke waculela iJoyous Celebration kanye noThobani Mseleni obelingisa ohlelweni iThe Queen.

Amagama abanye ababili kawakaqinisekiswa okwamanje.

Ngokusho kwephephandaba lomphakathi iThe Rep, le ngozi yenzeke ekuseni ngoMgqibelo emgwaqeni u-N6.

OLUNYE UDABA: U-Ayanda Ncwane uzokhipha 'ingonyuluka' encwadini engempilo kaSfiso

Okhulumela amaphoyisa aseKomani uKaputeni Namhla Mdleleni utshele leli phephandaba ukuthi kushayisane izimoto ezimbili.

Eyodwa ibiqhamuka ngaseKomani kanti enye iqhamuka emgwaqeni obuya eGoli.

Kushone abesimame ababili kanye namadoda amathathu kulengozi.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...