'Akusizi ukuthukuthelela uNkulunkulu ngokukuthatha' - Ayanda

2017-12-05 16:00

Johannesburg - Umfelokazi kaSfiso Ncwane, u-Ayanda, uzama ngazo zonke izindlela ukugcina imisebenzi yalo mculi iphila njengoba athatha izintambo kwiNcwane Communications nakwiNcwane Music Productions and Entertainment.

Lo mculi wowokholo wadlula emhlabeni ngomhlaka-5 Disemba wonyaka owedlule ngemuva kokuhlushwa yizinso.

Ukukhumbula umyeni wakhe ongasekho, u-Ayanda, ubabele enkundleni yezokuxhumana u-Instagram wazwakalisa ukuthi impilo ayisafani ngaphandle kwakhe futhi uyamkhumbula zonke izinsuku.

"Sithandwa sami, wayiguqula impilo yami ngezigaba ezine ezehlukene njengezinkathi zonyaka. Ngo-2002 wangenza intombi yakho, ngo-2003 wangenza umama, ngo-2007 wangenza unkosikazi kwathi ngo-2016 wangenza umfelokazi.

OLUNYE UDABA: Wayelokhu encoma ubuhle bami uSfiso ngosuku lokugcina – Ayanda Ncwane

"Angilukhohlwa usuku lomhlaka-5 Disemba lapho uNkulunkulu akubizela ekhaya," kuqhubeka umbhalo.

U-Ayanda uthi usamkhelela umyeni wakhe njalo ebusuku.

"Ngingaqamba amanga phambi kwabantu, ngiziqinise, kepha umoya wami ulimele futhi ngisakukhalela njalo ebusuku nginxuse noNkulunkulu ukuba akubuyisele kimi. Akujwayeleki ukungabikhona kwakho empilweni yami," kubhala u-Ayanda.

Uqhuba ngokuthi kunzima ukudlulisa ubuhlungu bokulahlekelwa ngumyeni wakhe.

"Umusa kaNkulunkulu yiwo ongenza ngiqhubeke usuku nosuku. Akusizi ukudinelwa uNkulunkulu ngokukuthatha ngoba yena wazi konke."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...