Akungikhathazi ukuthi ngijola noBen10 - Zahara

2017-07-15 08:51

Johannesburg - Umculi wakuleli, uZahara, uthi akumkhathazi ukuthi isoka lakhe elisha, u-Ian Sibiya, lincane kunaye ngeminyaka, wathi iminyaka ayenzi mehluko futhi "ayishintshi lutho".

Lo mculi ogama lakhe lokuzalwa nguBulelwa Mkutukana udalulele abephephabhuku iDrum, ukuthi washaqeka mhla ethola ukuthi u-Ian uneminyaka engu-23 ubudala, kodwa lokho akuzange kumvimbe ekutheni amthande njengoba "eyindoda ekhulile". 

"Empeleni ngashaqeka ngithola ukuthi uneminyaka engu-23 ubudala. Iminyaka ayishintshi lutho, u-Ian uyindoda ekhulile futhi akuve engihlonipha," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Awusekho umshado, uZahara usevuke ngesoka elisha

Ngokombiko weTshisaLive ngesonto eledlule uZahara wazitholela uthando olusha ku-Ian ngemuva kokuhlukana nomsakazi u-Amaza Ntshanga, ayesemthembise nomshado.

Uthe bathatha isinqumo sokuhlukana ngemuva kokubona ukuthi bobabili bafuna izinto ezehlukene.

UZahara wathi akafuni ukukhuluma ngokuhlukana kwakhe nalo msakazi ngoba kwakuyisikhathi esingesihle kuye futhi yena ubedinga indoda yangempela. Okunye akushilo ukuthi u-Amaza ubengamthandi ngale ndlela abefuna ukuthandwa ngayo.

Lo mculi wahlangana no-Ian ngemuva kezinyanga ezintathu ehlukene no-Amaza.

UZahara uthe u-Ian uyamthanda futhi umphathisa okwendlovukazi.

 - SowetanLive

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...