Akekho kwabazonandisa koweMabala Noise umculi owagxeka amaMetro FM Awards

2017-03-09 11:04

Cape Town – Isetebele somculo, iMabala Noise, sadla ubhedu emcimbini wokuklomelisa ngezindondo, ama-Metro FM Music Awards emasontweni ambalwa edlule.

Manje lesi sitebele sizobe sigubha lokhu kuwina kwaso ngomcimbi ozokuba ngoMgqibelo, ngomhlaka-11 kuMashi nozobe useHouse 22 Pub and Grill, ePitoli.

OLUNYE  UDABA: U-DJ Black Coffee ushiye angalazi ngama-Metro FM Awards

Kodwa-ke omunye wabaculi abawina izindondo kulo mcimbi, uRiky Rick, akekho ohlwini lwabantu abazonandisa.

Abantu bazokhumbula ukuthi uRiky Rick washiya angalazi egxeka indima yomculi kanye nemisakazo yakuleli ngesikhathi ethula inkulumo kulo mcimbi wama-awards.

Nalu uhlu oluphelele lwabaculi abazobe benandisa emcimbini weMabala Noise:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...