Akazisoli nakancane uZodwa wabantu ngokufunza owesimame 'idawa'

2017-08-30 19:29

Durban - Ushiye abaningi bekhexile uZodwa Wabantu endaweni yobumnandi eYadini, eMlazi, efunza owesimame isitho sakhe sangasese.

Le ntokazi edume ngokungadilozi yenze lokhu isanda kubonakala esithombeni esizungeza ezinkundleni zokuxhumana iqabula khona owesifazane.

Kulokhu uZodwa Wabantu ubonakala kwi-video egibele esipikheni edansa esondela kowesifazane obefake izibuko, umfunza isinene emboze ngengubo yakhe ebeyigqokile eveza wonke umzimba.

“Ngibonile ukuthi akaboni kahle yingakho ngivele ngasondela ngamtshengisa kahle le nto abelokhu eyilunguza, abantu abangathuswa yilokhu engikwenzile bayazi ukuthi enye yemidanso yami leya.

"Ngisola ukuthi izibuko bezingambonisi kahle yingakho ebefuna ukusondela, bengingeke ngikwazi ukumxosha ngenxa yokuthi phela miina ngingumuntu wabantu futhi angiphoxi muntu,” kusho uZodwa.

OLUNYE UDABA:UZodwa Wabantu uyowashaya eBulawayo amavosho

Le ntokazi itshele abeZindaba24 ukuthi intombazane ebifuna ukuzibonela hhayi ukuthi uyena oye kuyo, uthi iningi labantu bayathanda ukuthi uma edansa beze kuye ngaphansi bafune ukuzibonela.

Uthi akummangazi ukukhuluma kwabantu ngoba vele bayohlezi bekhuluma njengoba kungeyena odonse intombazane.

UZodwa uzobe eyingxenye yomcimbi owaziwa ngeDubane Spring Break, eShaka Marine World, eThekwini ,lapho okuzobe kuboshelwe khona abaculi abafana neDustrction Boyz , A.K.A, Benny Maverick, Busiswa kanye nabanye abaningi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...