'Akakholwanga u-Emtee edatshulwa wuRiky Rick ngempama'

2016-06-12 11:06

Durban - Kuthiwa akakholwanga umrepha u-Emtee ngesikhathi edatshulwa ngempama nguRiky Rick kulandela ingxabano evuthayo eThekwini ngempelasonto eyedlule.

Kuthiwa labo mrepha baqophisana ngamazwi, uRiky Rick wagadla, beseNkosi Albert Luthuli Convention Centre ngoLwesihlanu olwedlule.

"Babebanga okuthile ngathi ngiyazama ukulalela ngangezwa kahle. Ngabona uRiky Rick esedabula u-Emtee ngempama, kepha wangaphindisela," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Bavuke umbhejazane abalandeli baka-Emtee engafiki emcimbini

Omunye umthombo uthe ucabanga ukuthi laba bayilungise ngasese inkinga abebenayo ngoba u-Emtee, ogama lakhe langempela nguMthembeni Ndevu, ufake isithombe sabo bangana ku-Instagram sibhalwe ukuthi 'ngiyabonga mfowethu'.

"URiky Rick akazange azixake ngokuphendula kulesi sithombe."

Ethintwa u-Emtee uthe babe nokungaboni ngasolinye noRiky Rick wathi abezindaba bayathanda ukubhala izindaba ezimbi ngaye.

URiky Rick uvumile ukuthi baba nengxabano kodwa akazange amshaye u-Emtee.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...