Ahoxisiwe amacala abebekwe usaziwayo 'ngelokugwaza' - Umbiko

2017-06-27 12:30

Johannesburg -  Kwaqubuka ingxabano eyayibandakanya isihlabani sakumabonakude uBujy Bikwa eyaphetha ngempi yezikhali ngoLwesihlanu ebusuku.

Kwakhishelwana imimese nocelemba ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kukamfowabo kaBujy nomakhelwane babo e-Orange Farm, eningizimu yeGoli.

Inkinga yaqala ngesikhathi umakhelwane esola umfowabo kaBujy, uMpumelelo, ngokumbuka kabi njalo uma bedlula beya esitolo.

UBujy kusolwa ukuthi wavele wadinwa wahluleka nokuzibamba waklinya umakhelwane.

OLUNYE UDABA:Usesitokisini usaziwayo ngezinsolo zokugwaza umakhelwane

Umthombo utshele iDaily Sun ukuthi uBujy wabamba indoda emqaleni, uMpumelelo yena wayigwaza.

Unkosikazi kamakhelwane kusolakala ukuthi waphuma esephethe ucelemba wahlasela ngawo lezi zelamani.

Lo makhelwane wangeniswa esibhedlela enenqwaba yamanxeba okugwazwa, uBujy naye wathola amanxeba kodwa wanqaba ukuya esibhedlela ngemizamo yokugwema abezindaba.

UBujy uthe yena nomfowabo babezivikela.

"Asizwani vele nomakhelwane. Yinto endala vele le yokungezwni kwemindeni yethu," esho.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Motsiri uthe kwaboshwa abantu abathathu ngeSonto ekuseni kulandela impi.

Uthe bachitha ubusuku esitokisini kwavulelwana namacala okushaya. Izelamani zavulelwa necala lokucekela phansi impahla kulandela ukuphihliza iwindi.

UBujy, umfowabo nomkamakhelwane bavele bonke ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseVereeniging, amacala ahoxisiwa.



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...