Abethuli bezinhlelo abahlonishwayo bashiya uhlelo kwa-eNCA

2017-03-17 11:01

Cape Town – Sekuphelile ngabethuli bezinhlelo ababili asebengomakadebona ezinhlelweni zikamabonakude, uJeremy Maggs kanye no-Iman Rappetti njengoba sebezoshiya uhlelo oludlala ebusuku, iNewsNight esiteshini sikamabonakude esisakaza izindaba ubusuku nemini i-eNCA .

Laba bobabili besebebe yingxenye yohlelo lwakusihlwa ku-eNCA  iminyaka emihlanu edlule kanti lokhu kubonakala njengezinye zezinkomba zokwenzeka busithe kulesii siteshi esiphethwe i-eMedia Investment.

UMaggs kanye noRappetti  bazoshiya ekuqaleni kwenyanga ezayo kanti u-eNCA awukakadaluli ukuthi ubani noma obani abazovala isikhala kulolu hlelo oludlala amahora amabili nesigamu nolusakazelwa ezindlini zokusakaza za-e.tv, eHyde Park, eGoli.

OLUNYE UDABA: Kuphelile ngohlelo lodumo kwi-eNCA

UMaggs ubesebe ngumethuli weNewsNight kusukela aqala ukubonakala kwa-eNCA eminyakeni engu-9 eyedlule. Kubikwa ukuthi uye wacela ukuthi ashintshelwe kolunye uhlelo oludlala esikhathini esingaphambi kwalesi kuso lesi siteshi.

Manje uyena osezokwethula uhlelo lwezindaba oludlala ngezikhathi zamadina, iNewsday, kusukela ngoMeyi, kanti futhi uzoqhubeka nokwethula uhlelo lwakhe, iMaggs on Media, noludlala ngamasonto ku-eNCA.

URappetti uveze ukuthi ushiya ngoba efuna ukunikeza umndeni wakhe isikhathi esanele.

Ongumqondisi wezindaba kwa-eNCA, uMapi Mhlangu, ubonge kakhulu laba bobabili ngokwethembeka kwabo, ukusebenza kanzima kanye nobuhlakani, wathi babambe iqhaza empumelelweni yalesi siteshi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...