AbeMzansi Magic bathi ingamampunge eyohlelo lukaBabes Wodumo

2017-10-16 15:59

Cape Town – Abe-Mzansi Magic (DStv 161) bayawaphika amahlebezi okuthi intokazi eshaya igqomu izoba nohlelo oluxoxa ngempilo yalo kulesi siteshi.

Lesi siteshi sitshele abeChannel24 ukuthi alukho uhlelo abalupheka noBabes Wodumo.

Le ntokazi eneminyaka engu-23 ubudala itshele abephephandaba iSunday Tribune ngeSonto ukuthi inohlelo olumayelana nempilo yayo oluzodlala kuMzansi Magic nokuthi lolu hlelo luzoqala ukuqoshwa ngesonto elizayo.

"Ababukeli bazobona ukuthi ngingu-ngqo," kusho yena etshela leli phepha.

OLUNYE UDABA:Nakhu okwenze uBabes Wodumo kukhulunywe ngaye ngapha nangapha

Lesi siteshi sichithe la mahlebezi ngokuthi uhlelo olulandelayo oluxoxa ngempilo yalo saziwayo luzoqala ngoNovemba.

"Akukho okusezinhlelweni zethu okuphethelene nohlelo lukaBabes Wodumo," kusho uNondumiso Mabece, oyinhloko yezinhlelo zakuleli enkampanini kaqedisizungu, uM-Net.

“Ziningi izicelo esizitholile zezinhlelo zokulandisa ngempilo yangempela yabantu abahlukene kanye nezabanye osaziwayo okubalwa kubo noBabes Wodumo," kusho yena.


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...