Abemidlalo kamabonakude badube amaSaftas Awards

2017-02-07 14:33

Cape Town – Usuphinde wagutshuzelwa okunye ukungenami umcimbi wezindondo waminyaka yonke, ama-11th South African Film and Television Awards (Saftas) njengoba imidlalo kamabonakude isivele yawuduba yawugxeka ngokuthi “awunabo ubulungiswa”.

IMuvhango, edlala kuSABC2, kanye nomdlalo owawina ngonyaka odlule, iSkeem Saam, esidlala kuSABC1, sebenqabe baphetha ukungenela amaSaftas onyaka ka-2017 nokuyinto esilimaze isithunzi salo mcimbi.

OLUNYE UDABA: Nazi ezizothokozisa abalandeli boZalo

Ngenxa yokunqaba koMuvhango kanye neSkeem Saam ukungenela amaSaftas, iNational Film and Video Foundation (NFVF), engabahleli balo mcimbi, isiyikhiphile le midlalo yomibili emkhakheni weMost Popular TV Soap.

Lona umkhakha lapho umdlalo uwina khona ngokuvotelwa ababukeli.

Ngokwemidlalo kamabonakude ebukwa kakhulu eNingizimu Afrika, iMuvhango yiwona umdlalo obukwa kakhulu kuzo zonke izinhlelo zakuSABC2 njengoba unababukeli abalinganiselwa ku-6.2 million.

Ngakolunye uhlangothi, iSkeem Saam sona sinababukeli abalinganiselwa ku-5.9 million nokwenza sibe uhlelo olungolwesithathu ngokubukwa kakhulu kuSABC 1.

Kodwa-ke noma kunjalo, kulo nyaka ababukeli bazothola ithuba lokuvotela umdlalo ongaconsi phansi kuSABC1, uZalo, njengoba lalungabonwa nangokhalo emikhakheni eyayivotelwa ngonyaka odlule. Ngonyaka odlule, amaSaftas akhala ngokuthi uZalo luyi-drama.

Umcimbi wakulo nyaka uzobanjelwa eSun City kusukela ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-18 kuMashi kanti azosakazwa bukhoma kuSABC2 ngomhlaka-18 kuMashi. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...