Abelaphi bendabuko bakholelwa ekutheni uNcwane wathwetshulwa

2016-12-17 18:31

Durban – Abelaphi bendabuko baseThekwini, abangaphansi kwaBelaphi Bendabuko Institute of Traditional Practices, babize isithangami sabezindaba mayelana nokudlula emhlabeni komculi.

La belaphi bathi bakholelwa ekutheni indlela uSfiso Ncwane ashona ngayo ikubeka ngokusobala ukuthi lo mculi wathwetshulwa.

Bathi umuntu othwetshuliwe ugula isikhathi esifushane bese eyopha – kuphakathi kokuthi aphalaze igazi noma amongoze.

Baqhuba ngokuthi isidumbu somuntu othwetshuliwe siyagqunqa ngebala, kube sengathi siyakhukhumala futhi sithambe, kubika iSolezwe ngoMgqibelo.

Umsunguli wale nhlangano uMbongeni Dlamini uthe: “Empeleni akuyona indawo yethu ukukhuluma ngalolu daba, kepha kungumsebenzi wethu ukwazisa umphakathi ngokwenzekayo,” esho.

OLUNYE UDABA: ‘Akuyona imfihlo ukuthi uSfiso Ncwane wathwala ngathi’

Uthe hhayi ngoba bezama ukuthola udumo, futhi kusezandleni zomndeni kaNcwane ukuthi wenzani ngalolu lwazi.

Udadewabo kaNcwane, uGugu, uthe akukho abazokuphawula bewumndeni ngoba abazange basibone isidumbu sikamfowabo.

“Ngeke sigeqe amagula ngoba nathi sabona ibhokisi njengawo wonke umuntu. Asizange sisibone isidumbu somfowethu.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...