Abe-JMPD bathele induku kubashayeli bamatekisi emdlalweni wobungani

2017-10-29 10:45

eThekwini - Inyanga kaMfumfu yaziwa ngenyanga yezokuthutha lapho kuqwashiswa khona izakhamuzi kanye nabashayeli ukuba baphephe emgwaqeni.

Kule nyanga, umsakazi wezemigwaqo emsakazweni uKhozi FM u-Ayanda Msweli uhlele umdlalo webhola phakathi kwamaphoyisa omgwaqo kuMasipala waseGoli kanye nabashayeli bamatekisi erenkeni yase-Ivory Park.

Lokhu ngokusho kukaMsweli ukuhlele ngesikhathi evakashele amarenki amahlanu aseGoli ngesonto eledlule lapho ebeshumayela khona ivangeli lenhlandlezo emarenki, wukuphepha kwabagibeli kanye nokuziphatha kahle kwabashayeli.

"Ngithathe uhambo lwezinsuku ezintathu ngivakashela ama-renki aseGoli okubalwa kuwo iBara, Bree, MTN, Faraday kanye ne-Ivory Park, lapho bengikhuthaza abaphathi bamarenki ukuba babambisane nami ohlelweni lokuqhakambisa inhlanzeko, ukuziphatha, ukuphepha emgwaqeni kanye nokuhlonishwa kwabagibeli.

"Ngifike ngazibonela mina isimo samarenki, yize kukhona okuhle nokuncomekayo okwenzeka kwamanye amarenki, muningi umsebenzi osasimele wokukhuculula amanye ukuze abe sesimweni esihle nesigculisayo,"kusho uMsweli ekhuluma nabeZindaba24.

OLUNYE UDABA:'Kuyidokwe kona kodwa aligayelwe wena, hlaba udlule njengenaliti'

UMsweli uncome kakhulu ukuhleleka nokuhlonipha komsebenzi ngabaphathi baseFaraday abaveze ukuthi ziningi izinhlelo abanazo zokuthuthukisa abashayeli babo.

"Ngibone isimanga lapha ngwenya, abaphathi base-Faraday bagqoka inyunifomu, futhi basebenza ngokukhulu ukubambisana njengoba ngafika lapha ngosuku olukhulu kukhushulwa abashayeli abangu-60 benziwa abanikazi bamatekisi. Usoseshini ophethe lapha ungitshele ukuthi, njalo ngonyaka bakhetha abashayeli abaziphethe kahle nababonayo ukuthi sebekulungele ukuthuthuka bangene esigabeni sokuphatha babayale, babaqeqeshe futhi babanikeze ithuba lokuba ngabanikazi bamatekisi,"kuqhubeka yena.

Usuku lokugcina lohambo lukaMsweli luphelele erenkeni yase-Ivory Park eThembisa lapho abashayeli bakhona bangconywa kakhulu ngenhlanzeko.

"Ngangihlale ngizwa kuthiwa abashayeli bamatekisi e-Ivory abahlalwa mpukane ngendlela abahlanzeke ngayo, ngizibonelwe ngawami."

Lo mkhankaso bewesekwe ngamaphoyisa kaMasipala avumile ukuba nomdlalo wobungani phakathi kwabo nabashayeli bamatekisi ukuze bezwane amandla enkundleni.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala uDudu Tshabalala uthe: "Yinhle kakhulu lento eyenziwe wuMsweli ukuba asihlanganise nabashayeli ngesimo esihlukile kunalesi esijwayelekile. Phela sivame ukuhlangana emgwaqeni sibanga imithetho yomgwaqo futhi sinikezana namathikithi. kube kuhle ukubonana ngale ndlela sakhe ubudlelwane obuhle."

Abashayeli base-Ivory bayakhala ngokushaywa ngo-5-1 ngamaphoyisa omgwaqo. 

"Hhayi thina besithi wumdlalo wobungani, besingazi ukuthi sizolethelwa iqembu lesizwe, siyalidinga ithuba lesibili nathi basithole sizihlelele kahle,"kusho uSam Sibisi okhulumela abase-Ivory.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...