Abawuvali umlomo ngamasokisi abegqokwe uDrake

2017-08-25 19:29

Cape Town – Isihlabani somculi waphesheya, uDrake, wabelane ngesithombe sakhe egqoke amasokisi anomfanekiso wentandokazi yomculi waphesheya, uRihanna, nokuyinto eshiye abantu bengawuvali umlomo ezinkundleni zokuxhumana.

Kuyaziwa ukuthi uDrizzy noRiRi banomlando omude wokusebenza ndawonye, amahlebezi okuthandana kanye nokunye okuningi.

Ngaphezu kwalokho kwake kwaba nemibiko yokuthi uDrake ufuna ukumenza unkosikazi uRihanna.  

OLUNEY UDABA:U-e.tv usuphushele iClub 808 ezinhlelweni ‘zetakalani’ ngenxa yeDays

URihanna usanda kwethula imikhiqizo yakhe yamasokisi wabe esekhangisa ku-Instagram.

Zibonele la masokisi kaRihanna ngezansi:

Kulandela lokhu kwethulwa kwala masokisi, uDrake ube esabelana ngesithombe lapho ebonakala egqoke amasokisi afanayo nalawa abekhangiswe nguRihanna ku-Instagram.

Eduze nalesi sithombe, uDrake ubhale, u-“Trabajo” nokuyigama elisho ukuthi “work” noma “sebenza” ngokolimi lweSpanish.

 Lo mbhalo ubukeka ushaya khona njengoba izingubo uRihanna abonakala ezigqokile kumfanekiso wakhe emasokisini yilezo ayezigqoke ngesikhathi kuqoshwa i-video yengoma esihloko sithi Work nokuyingoma ayishaya ngokuhlanganyela naye uDrake.

Zibonele lesi sithombe ngezansi:

Trabajo

A post shared by champagnepapi (@champagnepapi) on

Yize noma uDrake kanye noRihanna sebenesikhathi eside behlukene kodwa abantu ezinkudleni zokuxhumana bakholwa ukuthi laba bafanelwe ukuba ndawonye. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...