Abathanda isitayela nobumnandi bazowuthokozela umcimbi we-Durban Denim

2018-04-05 19:30

eThekwini - Uzohambela umcimbi waseThekwini umlingisi womdlalo kamabonakude iSibaya, ophinde abe umphathi wemicimbi owaba sematheni ngesikhathi ephethe uhlelo kwi-Essence Festival ngonyaka ophelile.

UNomzamo uzobonakala emcimbini obizwa nge-Durban Denim ozoba ngoMgqibelo, okuzobe ungowesibili ubakhona.

Lo mcimbi uheha izinkulungwane zabantu ukuba bafike bedle ama-jean kusukela phansi ukuya phezulu.

okubalwa intsha kakhulu njengoba i-theme yawo kusuke kufakwe o-jean ukusuka phansi kuya phezulu.

UNomzamo Mbatha uzobe ephethe uhlelo, lwalo mcimbi  e-The Werehouse okuyindawo yomrepa u-Aewon Wolf esanda kuvulwa eseduze ne-Inkosi Albert Luthuli Convention Center ku-Hunter Street.

Omunye wabahleli balo mcimbi uLungelo Ncanana, uthe bakhethe lendawo njengoba inkulu ngaphakathi futhi babalekela nesinyokotho.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Umshado wesintu kaLetsholonyane noMpho Maboi

UNcanana utshele abeZindaba24 ukuthi bazovala umgwaqo u-Hunter Street ukuze babe nendawo eningi nabadayisi bakwazi ukuhweba kahle.

“Kulo nyaka sifuna isinyokotho singabi khona yingakho sikhethe ukuwuletha lapha ukuze kungadaleki isinyokotho njengonyaka ophelile.

Sathwala kanzima kwaze kwaphoqeleka ukuthi izimoto zipake egaraji phethiloli, ukuze kungadaleki isinyokotho emgaqweni.

“Sibone ukuthi siwulethe lapha ,njengoba nomgwaqo sizowuvala.

Inhloso yalo mcimbi ngokusho kwalo mhleli wukumema abantu bazozithokozisa futhi babonakale bebahle ngama-jean abo ahlukahlukene.

Kuzoke kukhona abasiki bengqephu kanye nabadayisi abahlukahlukene kulo mcimbi.

Abaculi abazonandisa kubalwa uBenny Maverick, Dj Nasty, Dash oyilunga leDream Team osezibiza ngoZulu Mkhathini, Zanda wengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku i-club controller ,Stilo Magolide, Dreamteam, Dladla Mshunqisi, Andi Mbhele kanye nabanye.

Uhlelo kulindeleke ukuthi liphathwe uNomzamo Mbatha kanye no-Zulu Mkhathini (Dash), emnyango kungenwa ngo-R100 amasango avulwa ngo-12 emini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...