Abalandeli beGcokama Elisha abawuvali umlomo ngokwenzeke izolo

2017-06-04 12:33

Durban - Abathandi bomculo kaMaskandi abawuvali umlomo ngoMthandeni "IGcokama Elisha" Manqele ngoMgqibelo.

Lo mculi wathembisa abalandeli bakhe ukuthi ngoMgqibelo ekuseni uzobe ekwaMai Mai eGoli lapho ezokwethula khona ucwecwe lwakhe olusha, uma esika lapho uzothatha indiza enophephela emhlani abhekise amabombo epaki yaseGugu Dlamini eThekwini lapho azokwenza okufanayo.

UMthandeni usigcinile isethembiso sakhe, njengoba abathandi balo mculo baphume ngobuningi babo bavala iDown Town yonke Goli bezobona leli ciko.

Efika eThekwini, ubungafunga ukuthi kuhlelwe umcimbi kaMaskandi. Abantu bebengangoZulu ebuya eMakheni.

Kume ukusebenza eWorkshop kungahambeki nasemigwaqeni esondelene nale ndawo abalandeli balo mculi bazifikele mathupha ukuzobona iqhawe labo.

IGcokama leli belikhipha iCD yalo ethi, I-Thousand, nokuyi-CD ebibhekwe ngabomvu njengoba abanye abaculi abafana namaGeza Amahle iChalaha kanye nama-SAP badedela awabo ezinyangeni ezimbili ezedlule.

OLUNYE UDABA:IGcokama Elisha umculi wokuqala kaMaskandi ukukhangisela iCutty

Abantu bathathele ezinkundleni zokuxhumana bencoma uManqele ngokuqopha umlando ediliva amaCD ezifundazweni ezimbili ngosuku olulodwa.

>>

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...