Abalandeli bakaMaskandi batinyele uDJ Tira ngolukaMroza

2017-11-17 14:00

eThekwini - Abalandeli bakaMaskandi bahlanganyele ndawonye bayovimbezela uDJ Tira oshaya izingoma zeHouse ngemuva kokuba agxeke umculi kaMaskandi owahlukanisa unyaka.

Indaba yaqala ekuqaleni kwalo nyaka lapho kwavela amahlebezi athi uTira wafaka izikhalazo kubaphathi boKhozi ukuba baxoshe omunye wabasakazi ngoba esola yena ngokuwinisa ingoma kaMaskandi esikhundleni sengoma yakhe eyayishisa izikhotha.

Ingoma kaTira enozakwabo uDJ Sox ethi uMsindo yahlala endaweni yesibili kanti ekaSthembiso "Mroza Fakude" ebambisene noMkhathazi Nsibande ethi Sobulala uVan Damme iyona eyadla umhlanganiso.

Lokhu akuhlalanga kahle kubaculi be-house abebezitshela ukuthi izingoma zabo yizona ezidla ubhedu ngoba kwakuxoxwa nangazo ezinkundleni zokuxhumana yize kwagcine kubonakele ukuthi ivoti lathathwa wuMaskandi.

La mahlebezi okukhuluma kukaTira awazange ahlale kahle kubalandeli bakaMaskandi kanti naye umculi owahlukanisa unyaka usegcine eziphendulele kulolu.

UMroza ushaye adume ngazo ngokuthatha ipeni nephepha abhale ingoma azwakalise ukuphoxeka kwakhe ngalokhu "okwenzewe nguTira" wase ebhala ingoma ethi Tira ninoSox ninoMsindo.

OLUNYE UDABA:Kuyaphela 'ngoSmangele' kuZalo

Kule ngoma uMroza uthi: "Tira ninoSox ninomsindo. Kudela owazi obaba nomama benu kunani uma uMaskandi uhlukanisa unyaka? Singabendlu emnyama sonke kodwa sibukelana phansi."

Lolu daba belushicilelwe ephephandabeni iDaily Sun nokuyilapho uSox noTira baveze ukuthi abananxa noMroza futhi kuyaziwa ukuthi bayawuthanda uMaskandi. UTira uze washo nokuthi uMroza ungumkhaya wakhe ngakho-ke uyamthanda futhi angamqasha nasemicimbini yakhe amkhokhele imali ayifunayo.

Lo mculi akagcinanga lapho njengoba ebabele enkundleni uFacebook eveza ukuphoxeka kwakhe ngengoma kaMroza.

Abathandi bomculo wakaMaskandi abakwamukelanga kahle lokhu kwenza kukaTira base bebuthelana ekhasini lakhe beyomtinyela.

Lokhu kwenzeka nje uTira usanda kuba nengxabano nomunye uDJ wodumo uFisherman okhala ngokuthi iculo abasebenza kulo ndawonye ebelizwakala kuSuperSport, kodwa akakaze athole ngisho indibilishi.

UFisherman uthi akakaze abongwe ngalutho kangangokuba lolu daba seludluliselwe kubameli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...