Abakwa-SABC bawushaya indiva umkhankaso wabalaleli ngoZama Ngcobo

2017-01-18 16:00

Durban - Abalaleli bomsakazo oyintandokazi uKhozi FM basungule umkhankaso ezinkundleni zokuxhumana mayelana noZama Ngcobo.

Laba balaleli bathi sebekhathele ukufunzwa uZama ngenkani yize kusobala ukuthi akabahloniphi abantu.

Lo mkhankaso osunabalandeli abangaphezu kwezinkulungwane ezimbili uqale ngemuva kwezinsolo zokuthi ubize usaziwayo wasezinkundleni zokuxhumana, uQhubinja "ngale nto."

Omunye wabalaleli boKhozi ubhale kuleli khasi wathi lo mkhankaso abawuqalile ngoba bevikela uQhubinja, kodwa sekukaningi uZama ekhuluma kabi emsakazweni kungenziwa lutho.

"UZama Ubize uQhubinja "ngale nto" emsakazweni silalele sonke kanti nakuqala wakhuluma ngengesitho sangasese wasibeka ngembaba."

Omunye ubhale wathi: "Ake silungiseni iphutha la. Asikhulumi ngoba uZama ukhulume kabi ngoQhubinja kodwa sikhuluma sikhulumela wonke umlaleli othanda uKhozi ukuthi sesikhathele uZama akakwazi ukukhuluma kahle kunagama awasebenzisayo akhombisa ukubukela phansi abantu.

"Isiphi isifundo asinika intsha yakuleli uma ekwazi ukubiza abanye abantu ngezinto emsakazweni kujike kungabi ndaba zalutho."

OLUNYE UDABA:Angase agawulwe yizembe umsakazi owenze iphutha

UKaizer Kganyago okhulumela i-SABC uthi uzwile ngalo mkhankaso kodwa akukho abangakwenza ngoba yinto eqale ezinkundleni zokuxhumana.

"Akekho oke wafaka isikhalazo kubaphathi bomsakazo mayelana nokungagculiseki ngokushiwo ilo msakazi emoyeni.

"Zonke izinhlelo zalo msakazo ziyaqoshwa ngakho-ke uma kukhona akushilo kuzolandwa amarekhodi idlalwe leyo nto, kodwa lokho kungenzeka kuphela uma kukhona ofake isikhalazo," kusho yena.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...