Abakhangisi bengqephu benze ucansi okwangempela esikhangisweni

2017-04-03 18:01

Cape Town – Kwenzeke okungajwayelekile ngesikhathi abakhangisi bengqephu abebenza isikhangiso ngezimpahla zokugqoka zasentwasahlobo nezasehlobo begcina sebenza ucansi okwangempela, kubika iW24.

Abasiki bengqephu ababili, uMike Eckhaus kanye noZoe Latta basuse omkhulu umsindo ngenxa yesikhangiso sabo esikhombisa abakhangisi bengqephu benza ucansi okwangempela.

Iphephabhuku iWMagazine libika ukuthi laba siki bengqephu abazange bayicabange nokuyicabanga eyokuthi okungenani kulingiswe ukulenza ucansi, kodwa bebefuna into yangempela.

Kuthiwa kuthathe isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha ukushutha lesi sikhangiso ngenxa yezinselelo ezehlukene.

OLUNYE UDABA: Umfana, 11, uthenge ucansi kumqwayizi, 31

Inselelo yokuqala kube ukuthola abakhangisi bengqephu abazohambisana nesikhangiso.

Inselelo yesibili kube ukuthola abakhangisi bengqephu abazimisele ukwenza ucansi.

Inselelo yesithathu kube sekuba ukuthola abantu abangenankinga nokuthathwa izithombe bezitika ngocansi.

Lesi sikhangiso sikhombisa abantu ngababili bezibandakanya ocansini kanye nezinye izenzo zocansi – kodwa-ke izitho zangasese zenziwe zafiliza ezithombeni zokugcina.

Laba bathi bebefuna ukukhombisa ucansi njengento eyimvelo, hhayi into ethathwa njengento embi emphakathini. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZITHOMBE: Ngabe usenengoduso uKhune?

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...