Abafuni ukuphumela obala ngohlelo olungempilo kaBonang

2017-03-01 12:30

Cape Town – Intokazi yakuleli engusaziwayo kumabonakude kanye nasemsakazweni, uBonang Matheba, ayithanga vu ngoLwesithathu kulandela imibiko yokuthi izokwethula uhlelo lukamabonakude olumayelana nempilo yakhe (reality show) ngasekupheleni kwalo nyaka.

ITshisaLIVE ibike ngoLwesithathu ekuseni ukuthi uBonang ufake lolu hlelo olumayelana nokwenzeka empilweni yakhe kuVuzu. Ngokwalo mbiko, ukuqoshwa kwalolu hlelo kuvele sekuqalile.

Lokhu akusikho okukuqala kusabalala izindaba zokuthi u"Queen B" usezoba nohlelo oluthi yena lukamabonakude.

OLUNYE UDABA: Nali iqiniso ngowesifazane ‘obenqunu’ kuma-Metro FM Awards

Ngonyaka odlule uBonang waphendula kuTwitter ngala mahlebezi, wathi, “Ngiyabonga ngothando… Kodwa, cha!”

I-The Juice ithinte ithimba elibhekelele izindaba zikaBonang kanye no-M-Net, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zombili izinhlangothi zingakaphenduli.

Nokho akupheleli lapho ngempilo yalo saziwayo njengoba uBonang amemezela ngonyaka odlule ukuthi incwadi emayelana nempilo yakhe izobe isitholakala ezweni lonke ngo-Ephreli kuwona lo nyaka.

Ngaphezu kwalokho kuzokhumbuleka ukuthi uBonang wethula uhlelo olumayelana nempilo yakhe ku-YouTube,  B*Dazzled, ngonyaka ka-2011. Lolu hlelo lwadonsa amasizini amathathu.

Usangazibukela ezinye zeziqephu lapha.

Ngaphezu kwalokho ungazibukela isiqephu sesithathu lapha ngezansi: 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...