Abadidiyeli bamafilimu abansundu bazothola uxhaso luka-R100m

2017-07-17 12:32

Durban - UMnyango wezoHwebo neziMboni usumemezele ukuthi uzotshala imali elinganiselwa ku-R100 million okuzoxhaswa ngayo abahleli bamafilimu abansundu abasafufusa ngohlelo olwaziwa nge-South Africa Emerging Black Filmmakers Incentive.

UMqondisi wezokuqoshwa kwamafilimu kulo Mnyango, uNelly Molokoane, wenze lesi simemezelo ngoMgqibelo ngesikhathi kunohlelo lokuqeqeshwa kwabaqondisi nabahleli bamafilimi i-Emerging Black Filmmakers Workshop ngesikhathi kuqhubeka iDurban International Film Festival (DIFF).

OLUNYE UDABA:Bacela uxhaso abayomela elakuleli phesheya kwezilwandle

Ngokubika kweThe Citizen, i-DIFF  wumcimbi waminyaka yonke obanjelwa eThekwini.

Lolu hlelo luqondiswe kubadidiyeli bamafilimu abasafufusa futhi abadinga uxhaso lwezimali ngokuthi bafundiswe ngemininingwane edingwa wuMnyango wezoHwebo neziMboni uma befuna uxhaso lwezimali.

UMolokoane uthe selokhu lwaqala lolu hlelo, sebeseke imisebenzi engu-40 ngaso lesi sabelomali sika-R100-million, kodwa kulokhu bekwesekwa ukuqedelwa kwale misebenzi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...