Ababukeli basabisa ngokuduba iSkeem Saam ngolukaLeshole

2018-02-09 14:05

Durban - Abalandeli bomdlalo othandwa kakhulu kuleli okhonjiswa ku-SABC 1 phakathi nezinsuku ngo-18:30, iSkeem Saam, basabisa ngokuwuduba uma ababhali bawo beqhubeka "nokuhluphekisa" uLeshole Mabitsela, olingiswa nguThabo Mkhabela.

Kusukela waqala ukuvela kulo mdlalo uLeshole, kwavela ukuthi washiywa ngumama wakhe esemncane ngemuva kokubalekela ubaba wakhe owayemhlukumeza. Kuthe kusabhekwe ukuphila kwakhe ngokupatanisa, kwaqhamuka izindaba zokuthi akenzi kahle esikoleni.

ULeshole uzamile ukuguqula impilo yakhe waze wathola nabantu abazomsiza ngezifundo zakhe, wagcina ewuphasile umatikuletsheni.

Kube sekuvela ithuba lokuthi ayofundela ukuba ngumshayeli wamabhonoyi, okumele aqale ayohlolwa ikhono aphinde abhale nezivivinyo ukuze amukelwe ekolishi.

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi oweSkeem Saam udoja eyesondlo sengane

Ukunengeka kwababukeli kuqale ngoLwesibili ngesikhathi kufika umuntu ozibize ngoBiza kwaMabitsela ezokhandisa imoto, kanti kuzosa ngakusa isiyebiwe egcekeni.

UBiza uveze ukuthi le moto ibiqukethe izibhamu, futhi usola ukuthi uLeshole nobaba wakhe uBig Boy bayayazi.

Konke lokhu kwenzeka nje uLeshole kumele aye kwinhlolokhono eGoli ukuze ezozibeka ethubeni lokufundela ukushayela amabhanoyi. Nokho uBiza ubavimbezele endlini isikhathi eside, wathi esehamba wadubula uLeshole emlenzeni.

Abalandeli abathi sebekhathele wukubekezelela ukuhlukumezeka kukaLeshole bababele enkundleni yokuxhumana uTwitter bekhala ngababhali balo mdlalo bathi baveza isithombe sokuthi umuntu uma ehlwempu kakukho lutho olumlungelayo.

TWITTER:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...