Zingase zingawushayi kuTshatha

2011-06-15 07:38

Durban - Zingase zingawushayi kusasa njengoba kulindelekile kumethuli wezinhlelo kuKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe, emuva kokuthi owayeyintombi efunge wagomela ngokumisa lolu suku, kubika iphephandaba iSowetan.

UZathaba Nzuza, 20, ushayele abammeli bakhe ngoLwesibili emuva kokufunda kuleli phephandaba ukuthi uNgobe uzoshada nengoduso yakhe uNontobeko Khuzwayo ngoSuku Lwentsha.

UNzuza uthi uTshatha wamthembisa umshado emuva kokuthi ethathe ubuntombi bakhe ngo-Okthoba wangonyaka odlule.

Lokhu kuza emuva kokuthi iSowetan ibike ukuthi uNgobe uyashada ehhotela likanokusho eBallito, enyakatho neTheku, ngoLwesine.

Ummeli kaNzuza, nonqabile ukuzidalula igama lakhe, ukuqinisekisile ukuthi lukhona udaba olufana nalolu ababhekene nalo.

UTshatha akatholakalanga ukuba aphawule.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Buka: Kuzovela umculi weGospel kuZalo

Emizuzwini eyi-24 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 16-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...