"Yangivusa phansi impama ka-AKA"

2015-08-17 17:26

Johannesburg - Umrepha wodumo kuleli uCassper Nyovest ucacise ngokuthi wathelwa kanjani ngempama ngesinye isihlabani somculo weHip Hop sakuleli u-AKA ekilabhini.

Lo mrepha ukhulume ngalolu daba ngemuva kwamasonto amabili u-AKA evumile ukuthi washaya uCassper ngempama ekilabhini.

Lesi sihlabani seculo iMama I Made It(MIMI) besikhuluma kuCliff Central ngesikhathi sidalula isizathu sokubikela abezindaba ngalesi sigameko.

"Ngangivikela umsebenzi wami."

OLUNYE UDABA: Ucassper usabalalise ngevideo ka-AKA ekhahlela umlandeli

UCassper ucacisa ngempama eyamvusa phansi ekilabhini.:

"Yayivutha leya mpama, ngayizwa kahle, wavele waqonda kumina u-AKA wangithela ngempama. Akazange asho lutho. Wavele waqhamuka esengishaya nje ngavele ngadidizela ngawa phansi ngathi sengisukuma kwase kugcwele onogada bekilabhu, kubika iSundayWorld.

"Kwavele kwacishwa umculo kwathiwa u-AKA noCassper bayalwa…ngalobo busuku ngangiqeda ukusayina inkontileka  yezigidi yaseDome, awucabange nje izikhulu engangisayine kuzo sezizwa ukuthi bengilwa ekilabhini?"

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi bayoke bathelelane amanzi no-AKA uthe: "Angicabangi ukuthi kuyoke kwenzeke lokho…senganele."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...