Wayethanda abantu uBrown Dash

2012-05-30 10:01

Johannesburg - Mhlampe besekukhona okusina kumjeqeza, ukukhipha kwakhe amangwevu ecula kuma-SAMA(South African Music Awards), kungathi bekungumyalezo wakhe wangasese evalelisa izihlwele zabalandeli bakhe zaseMzansi.

Lena kube yindlela enhle yokuvalelisa kulesi hlabani esiwile, kubika iDrum.

Inkonzo yomngcwabo wakhe ibingeyabakhethekile, abezindaba bengavunyelwe.

Imimoya yabantu ibiphezulu begcwele phama ehholo laseDobsonville.

UDash ushone eneminyaka engu-33 ubudala mhla ka-9 Meyi eChris Hani Baragwanath Hospital eSoweto.

Uthathwe yi-pneumonia ebimphethe kusuka ngo-2010.

Abamaziyo bathi uDash ubengumuntu ozithobile, othanda abantu nozifela ngomculo weKwaito.

UNtando obengumngane noDash umkhumbula njengomuntu ozithobile owamnika ithuba ngekhono lakhe analo lomculo.

“Ngifuna ukubonga umndeni kaDash, esho ngephimbo elinomunyu. “Indodana yenu ibiyiqhawe kimi. Ubengumngane nomfowethu,” esho ebamba izinyembezi.


 - Lolu daba ungaluthola luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...