Uzithwele uKim Kardashian
2012-12-31 10:30
Atlantic City, New Jersey - Ubukeka sengathi usazokhula kakhulu umndeni wamaKardashian - lokhu kuza ngemuva kwesimemezelo esithi unontandakubukwa emndenini, uKim Kardashian uzithwele.
UKanye West nentombi yakhe uKim, balindele umntwana wabo wokuqala.
UKanye umemezele lezi zindaba ngeSonto ebusuku, etshela abantu abalinganiselwa ku-5 000, ebebehlangene e-Ovation Hall.
Kuvungame ibandla ngemuva kokumenyezelwa kwalezi zindaba.
UKourtney Kardashian noKris Jenner nabo baphinde baqinisekisa lezi zindaba ngokubhala ku-Twitter.
UKanye utshele izihambeli ukuthi azibungaze u"mama wengane yakhe" ethi okwenzekile kuyingqophamlando empilweni yakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Channel24