Uza kuleli uChris Brown

2012-09-28 15:48

Cape Town - Sekuqinisekisiwe: Nakanjani uzotheleka eNingizimu Afrika ngenyanga kaDisemba, usuka sambe womculi uChris Brown, ozobe ezonandisa ekhonsathini ekuthiwa yi-Carpe Diem.

Ukuthengiswa kwamathikithi kulindeleke kuqale mhlaka-1 Okthoba ngo-09:00.

"Sekuphelile ukuqagela kubantu baseNingizimu Afrika!" kumemezela uPleasure Letsoalo wenkampani iCanoc Productions, phambili esike yaletha kuleli abaculi abafana noTrey Songz, Lil Wayne noRick Ross.

Lo shokholedi wezintombi uzocula eGoli mhlaka-15 Disemba, amathikithi azoba phakathi kuka- R490 - R890.

Ethekwini uzocula eMoses Mabhida Stadium, mhlaka-17 Disemba, amathikithi azoba phakathi kuka-R490 - R850.

Uzogcina eKapa eGrand West Arena, mhlaka-19 Disemba, amathikithi azokuba phakathi kuka-R490 - R890
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-22°C Sunny. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-27°C Mostly sunny. Warm. PE: 10-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...