Uyashada oweMalini

2011-07-27 12:11

Durban - Uzoshada nesoka lakhe leminyaka umculi weqembu laseThekwini elishisa izikhotha, iMalini, kubika iphephandaba iSolezwe.

UThofo Goge ocula phambili kuleli qembu nodabuka KwaMashu, uzoshada nesoka lakhe elalingumculi weqembu elalishisa izikhotha ngama-90’s, iTwins.

Umthombo opotshoze lezi zindaba uthe kade aqala amalungiselelo omshado phakathi kukaThofo noLucky Shabangu owayecula kumaTwins.

Leli qembu lalakhiwe ngamawele okwakungawa-kwaShabangu okwakungoLucky noNhlanhla nawakwaSethato okwakungoTebogo noThato.

Lo mthombo uthe uThofo uzokwembeswa, okungezinye zezindlela zokulungiselela umcimbi omkhulu.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Sunny. Warm. PE: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...