Uvunyiwe owe-Live

2012-06-22 12:19
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Bamncoma ngapha nangapha umethulo omusha wohlelo lomculo ku-SABC1 uphumalangasikothe onguLuthando Shosha ongene kwabonakala ku-Live.

UShosha, 23, uzalwa KwaMagxaki, ePort Elizabeth.

Abamaziyo bathi uyinhlanganisela kaZizo Beda noJo-Ann Strauss, kubika iSowetan.

Uzakwabo ohlelweni uBonang Matheba, uthi lesi singqazu ekade sisakazela iKingfisher FM neBay TV, kumnandi ukusebenza naso.

"Uhlukile kubasakazi esike saba nabo. Uzothile futhi akaxhamazeli, uyawazi umsebenzi wakhe," kusho uMatheba.

Usaziwayo uPhila Mazibuko naye ukhipha izincomo zodwa.

"Wenza umsebenzi omuhle kakhulu. Wenza into yakhe akabukeli kunjalo unobuntu, ngiyafisa angashintshi."

Uma ezichaza yena uShosha uthi ungumuntu ophansi.

"Ngifaka iziphophotho uma ngikumabonakude kuphela, imvamisa ngigcoba uVaselina."

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 16-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...