Uvaliwe ebumnandini obedansa aze akhumule iphenti

2013-09-30 14:03

Johannesburg - Ukudansa upilingane njengethombi hhenye into, ukudansa ukhulume iphenti nakho kungenye into, kusho abazibiza ngamaSpinners, abaziwa ngokuvula inkundla bese kujatshulwa.

AmaSpinners akhulume nabephephandaba iDaily Sun, kulandela isehlakalo sangesonto eledlule, la kubonakale khona owesifazane edansa aze akhulume iphenti alijwibe emoyeni.

Laba bathi abesifazane abahlubula izingubo zangaphansi babakhela igama elimbi.

Ngesonto eledlule iphephandaba lidalule udaba ngalona wesifazane obonakale edansa ekhumula ephenti elijwiba phezulu .

AbeSoshanguve Spinning Kings bathi umcimbi lona bekuvaleliswa kuwo elinye ilungu labo uBongani Makhubo, 45, odlulile emhlabeni, bathi sebekwazile ukuhlonza lona wesifazane okhishwe ngabezindaba.

Omunye osenhlanganweni, uReikhutsitse Malala, ukhulume nomsakazi uPhat Joe, wakuMetro FM, wathi abesifazane bebedansa umdanso ekuthiwa yi “stjwetla”, wathi abamyekisanga ngoba bebesazilele uzakwabo.

Omunye wamaSpinners uRichard Maringa uthi kuyihlazo okwenziwe yilona wesifazane, wathi sebemvalile emicimbini yabo.



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...