Uvalelise kubalandeli oseshiya iSidingo

2015-06-02 18:18

Johannesburg - ULeeanda Reddy usevalelise ngokusemthethweni emdlwalweni kamabonakude abelingisa kuwona, iSidingo. 

Emasontweni edlule kumenyezelwe ukuthi  'uhambo lukaPriya' kulo mdlalo selufike ekugcineni ngemuva kweminyaka engu-8 ekuwona.

Kanti usuku lwakhe lokugcina kulo mdlalo bekunguMsombuluko, lapho abonakale khona okokugcina.

Funda nalolu daba: OweBig Brother Mzansi ujoyine iDiski Divas

Enkundleni yokuxhumana u-Twitter abantu badlulise amazwi okuvalelisa lesi sihlabani sikamabonakude besho nokuthi lo mdlalo ngeke usafana ngaphandle kwakhe.

ULeeanda ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka iminyaka eminingi kangaka waphinde wathi uzobakhumbula kakhulu abalandeli kanjalo nendawo abeyilingisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...