Uthi uyikhongozela ngezigqoko owayekuGenerations

2012-10-15 14:03

Johannesburg - IsiZulu sithi ukuwa kwendlu ukuvuka kwenye, kwesinye isikhathi uma wesula emsebenzini abanye baye bacabange ukuthi ikhanda lakho alithathi kahle.

Kwaba njalo nakuSeputla Sebogodi, ngesikhathi eshiya emdlalweni wochungechunge othathwa njengohamba phambili kuleli, iGenerations.

Abaningi babethi kuzophela nya ngoSebogodi, owabe edlala indawo kaKenneth Mashaba, kodwa waqhubeka walaxaza lo mdlalo yize babekhuluma kanjena.

Amahlebezi okuthi ikhaya lakhe eliseCenturion lidliwe, nokuthi akasenalo ngisho nesenti, asabalala njengomlilo wequbula.

Konke lokho ukuhleka usulu ngesikhathi ehlangana nabezindaba zeDrum.

"Ngenza imali eningi ukwedlula leyo ebengiyenza kuGenerations. Ngiyazisola ngeminyaka eyisithupha engayichitha ngidlala kulo mdlalo, ngabe manje ngikude nomsebenzi wami," ezikhulumela ngowakhe.

Uthi akazisoli nakancane ngokushiya kulo mdlalo kanjalo nangokuhlaba ikhefu kumabonakude, kusukele ashiya kuGenerations, ungene endimeni yomculo waphinda wabonakala nasesiteji kanjalo nasemdlalweni iNkaba.

"Senginesikhathi esiningi engisichitha nomndeni wami kanjalo nangezinye izinto."



 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ziyawushaya koweMetro FM

2014-11-22 09:09
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...