Uthembise umshado umsakazi ongaconsi phansi kwabaningi

2015-07-02 08:01

Johannesburg - Abasale sebexolisa izinhliziyo "abebesazibhekile" kumethuli wezinhlelo emsakazweni iRadio 702, uXolani Gwala, njengoba kuthiwa usethembise umshado.

Ngokubika kweSowetan, uGwala uzobopha elikasofasilahlane nalowo owake waba nguMiss SA uPeggy-Sue Khumalo ngemuva kokuthi lezi zithandani zithembisene umshado ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Ulengela eweni umshado wesihlabani saku-TV

Lezi zindaba zintsha kwabaningi njengoba bebebancane abebazi ukuthi laba bayathandana.

Leli phephandaba liqhube ngokuthi uGwala uzidele amathambo ephathini yakhe ngesikhathi egubha iminyaka engu-40 yobudala, wacela umshado kuKhumalo.

Zombili lezi zithandani zinqabile ukuphawula ngesikhathi zithintwa.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...