Uthando luyangibhaklaza - Tira

2012-11-12 14:02
Yabelani Shicilela

Durban - Ungomunye wosaziwayo abamatasatasa ngokuxakile, noma kunjalo lokho akumxaki ekutheni abe sothandweni futhi azinikele ngokuphelele kumuntu wakhe.

UMthokozisi DJ Tira Khathi, 35, uphumele obala waxoxela iDrum ngesithandwa sakhe esimdida ingqondo.
 
“Ngisothandweni futhi,” kusho uTira, ebonakala uthando lugcwele amehlo.

UTira uthole izincomo ngokunyusa izinga lomculo waseThekwini, wawubeka kwelinye izinga.

“Ngemuva kokuhlukanisa kwami nonkosikazi wokuqala, ngangingasho ukuthi ngiyophinde ngithande futhi. Ngijabule kakhulu njengamanje," ezikhulumela.

Owesifazane othathe impilo yaleli gezi elihalelwa ngabaningi, nguGugu Mbabama, 29, ongumdansi weMafikizolo, nowake wabonakala kuSABC 1, ohlelweni iSo You Think You Can Dance.

Ekuhlukaneni kwakhe noLale Ngcobo ngo-2009, uDJ Tira wasolwa ngokungabi nesikhathi somndeni nangokuthanda ubumnandi kanjalo nangokujola.

“Idlulile manje leyompilo yami. Ngithole umaqondana."

UDJ Tira usekhokhe nelobolo ekhiphela lo mama wendodana yakhe eneminyaka emibili ubudala, uthi wathandana noGugu ngaphambi kokuthi ashade noLale, nokho uthi banyamalalena wagcina eshada nomunye.



  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...