Usolwa ngokuqola ngekhadi elingenamali uMsawawa

2015-03-09 16:02

Durban – Umculi weKwaito owazakhele udumo ngokuba wumculi osemncane ukulolu hlobo lomculo uMsawawa usolwa ngokuqola igaraji elifaka uphethiloli ngokusebenzisa ikhadi lasebhange elingenayo imali.

Ngokubika kweDaily Sun uMsawawa ogama lakhe langempela nguSiboniso Dlamini usolwa ngokufaka uphethiloli wabe esekhipha ikhadi lasebhange elingenayo imali.

Ngokusho komunye wabangani balo mculi uthe uMsawawa usekwenze kabili lokhu egaraji elilodwa eliseHammersdale KwaZulu Natal njengoba phambilini wakwazi ukudlula ngaphandle ngemuva kokukhohlisa izisebenzi zalo.

“Ngesikhathi kuvela ukuthi ikhadi alinamali wazenza umuntu othukayo wathembisa ukubuya ukuzokhokha nebala bamdedela ngoba engusaziwayo,” kusho uSanele Mhlongo ongumngani walo mculi.

OLUNYE UDABA: Uyadlondlobala uMsawawa

Uqhube wathi isenzo salo mculi asilungile ngoba singcolisa igama lakhe.

Esigamekweni sakamuva uzame ukuphinda esifanayo kanti ngeke kumlungele njengoba eze watakulwa uSanele.

“Safika egaraji wafaka uphethiloli ka-R100 kwathi sekuyisikhathi sokukhokha wakhipha leli khadi lakhe angaqali ukulikhipha.

Ngesikhathi liveza ukuthi alinamali umuntu osebenza egaraji wabamba umakhalekhukhiwini wakhe uMsawawa ukuze aqinisekise ukuthi uyakhokha,” kuchaza uSanele enanela ngokuthi uze waphoqeleka ukuthi amkhokhele ukuze athole ucingo lwakhe.

UMsawawa ucele ukuba lungashicilelwa lolu daba ngoba luzongcolisa igama lakhe.

Uthembise ukuthi uzoyilungisa inking yekhadi lakhe.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...