Usenenye ingane uJudith Sephuma

2012-10-08 12:03

Johannesburg - Injabulo igcwele iyakapaka emndenini wakwaMhlambi, phela umama womuzi nongumzwilili uJuduth Sephuma, usephinde walamanisa.

USephuma nomyeni wakhe uSiphiwe Mhlambi babusiswe ngengane yabo yesithupha, emavikini ambalwa edlule, kubika iphephabhuku iDrum.

"Umama unengane encane, ingeyesithupha, iphile saka," kusho ilungu lomndeni litshela abezindaba.

Umzwilili lona akaze ayithi vu eyokukhulelwa kwakhe, kwaze kwaba yizinyanga eziyisishiyagalombili, imeneja yakhe uBusi Thabethe uveze ukuthi lezi zithandani zijabule kakhulu.

UThabethe uthe umndeni awukathandi ukuvezela abezindaba ingane yabo.

Ingane lena ayidalulwanga ukuthi ingumfana noma iyintombazane, umndeni unqabile negama layo.




 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umlingisikazi empini nesoka

2014-11-27 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...