Ungozi makhaza uFikile Mlomo
2012-08-23 14:04
Durban - Kuthiwa umculi we-Gospel uFikile Mlomo uyelulama ekhaya kubo eLindelani, KwaZulu-Natal njengoba eke waxineka kakhulu ehlaselwe yisifo sofuba i-TB.
UFikile ugule wabangwa nezibi izinyanga ezimbalwa, kubika iDrum.
Iphephabhuku lithe lo mculi ubephuma engena esibhedlela, okungenani izinyanga eziyisithupha kanti kuthiwa ucishe wafa nokufa.
Imenenja yakhe uTsepo Nzimande uthe uFikile uzizwa esengcono kakhulu futhi uzoshesha alulame njengoba eseduze komndeni wakhe.
UNzimande uthe uFikile uqale ukugula ngoMashi kulo nyaka.
" Ngesikhathi eqala ukugula besingasho ukuthi kuzomqinisa, siqale ukukhathazeka ngesikhathi ehluleka ukuhambela amakhonsathi abehlelelwe wona," kusho uNzimande.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Drum