Umndeni uhamba phambili kuHowza

2013-01-08 09:11

Johannesburg - Iningi lezintokazi belihlala lijamele omabonakude balo njalo ngoLwesibili ntambama lifuna ukuzidelisa nje ngaye ohlwelweni oluhlanganisa izithandani i-All You Need Is Love, ku-SABC1.

Uhlanyisa izintokazi ngomzimba wakhe onamankonyane nangomculo wakhe, kusho umbiko wephephabhuku iDrum.

Kunento ngaye evele ikutshele ukuthi wazi konke ngothando nangokujabulisa umuntu wesifazane, okubuhlungu yikho ukuthi ushadelwe futhi uyazifela ngenkosikazi yakhe.

UTsepo Howard Mosese uganwe yipatshaza elinguSalamina Mosese, babusiswe ngengane yentombazane enonyaka.

Leli geza lensizwa selike lalingisa kuGenerations nakuBackstage, kumanje limatasa nge-album yalo yesibili ezokhishwa kungekudala.

Ekhuluma nabezindaba uthi abantu abazi ukuthi unesifo sikashukela, uthi ngesikhathi unkosikazi wakhe ezithwele, wayesaba kakhulu ukuthi ushukela ungase utheleleke nase nganeni.

Uthi ubonga unkosikazi wakhe ngakho konke anakho empilweni.

"USalamina uyikho konke kimi futhi ngila ngenxa yakhe. Benentombazane yami bayikho konke kimi, uma isineminyaka engu-16 ubudala, ngicabanga ukuthi ngizothenga isibhamu kuze ngizohlehlisa bonke abafana abazama ukumnyonyobela," esho encokola.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bashaye amaculo agxibha uKelly Khumalo

Emizuzwini eyi-52 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...