Umfundisi ezinhlelweni zokuguqula izimpilo zabantu
2012-03-01 11:45
Johannesburg - Ngesikhathi indima yomculo wokholo ibhekene nenhlekelele
yabaculi abangavuseleli nabaphindaphinda
into eyodwa, uDonny Ngwenyama usefikile ukuletha ushintsho, kubika iSowetan.
UNgwenyama uzalelwe eMalekutu, eWhite River, maduzane
naseNelspruit. Lona ungomunye wabaculi abadayisa ngesivinini esiphezulu kuleli
lase Ningizimu Afrika.
Waziwa kakhulu ngengoma yakhe ethiBasheshe Bahleka, manje
ubuye lkakhulu ngenoni elisha elithiKushoda Sorry.
"Zonke izihloko zezingoma zami ziomlayezo,ngiyathanda
ukuqamba izingoma ezikhuluma ngqo nezinhliziyo zabantu," echaza.
Kulelicwecwe elisha uNgwenyama uthi uzama ukufundisa abantu
ngokubaluleka kokuthi "ngiyaxolisa".
"Izinto zonakele kakhulu ngenxa yokuthi abant abawazi
ukuthi bayaxolisa" eqhuba.
"Abanye bahamba bedelela abantu ekugcieni bahluleke
ukuzithoba basebenzise igama elingu mlingo elithi ngiyaxolisa," kuchaza yena.
"Esikhundleni sokuthi abantu baxolise baba ne mpakamo,
bese izinto zonakala kakhulu kunakuqala," kuchaza uNgwenyama.
Kumanje uNgwenyama unebandla elibizwa ngeRohoboth
Christian Centre, elikhula ngesivinini esifundazewni saseMpumalanga. Uthi
uqale ibandla ngoba efuna ukuqhubeka nomsebenzi wokuguqula izimpilo zabantu
aphinde abuyisele okuhle emphakathini.
Ibandla uthi ulivule ngo-2009, kanti kungekudala
uzovula indawo yokusiza abantu abahlala emgwaqeni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24