Umfundi wezindaba uxoshelwe ukukhwabanisa kwa-SABC

2015-09-15 18:38

Johannesburg - Ibhantshi ligcwale umoya kumfundi wezindaba wakwaSABC2 uLucas Kgaphola osolwa ngokukhwabanisa, ngokusho kombiko. Kgaphola ongomunye wabafundi bezindaba zolwimi lweSipedi abadumile eNingizimu Afrika.

Ngokubika kweSunday World uKgaphola owake wethula uhlelo lwezindaba iWorld Today kuSABC 3 wakhonjwa indlela emasontweni amabili adlule ngezinsolo zokukhwabanisa ama-invoice omholo wakhe.

OLUNYE UDABA: Umculi uvume icala lokushayela budedengu

Kubikwa ukuthi ubebhala imali okungesiyona kuma-invoice akhe.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago ukuqinisekisile ukuthi Kgaphola owajoyina le nhlangano yezokusakaza ngo-2003 ukhonjwe indlela.

"Singakuqinisekisa ukuthi iSABC iyinqamulile inkontoleka yokusebenza kaMr Kgaphola ngenxa yokwephula imigomo ebekwe kwinkontileka yakhe," kusho uKgayago. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...