Umculi ululela isandla emphakathini
2011-02-28 07:12
Johannesburg - Ngesikhathi eqala ukucula, yena wayezifunela amantombazane njengoba ayecabanga ukuthi abukho ubumnandi obudlula lokho, kubika iphephandaba iSowetan.
Ngezikhathi sakudala imali ibingabalulekanga kodwa idingeka ukuze umuntu aphile. Abaculi babecula ngoba benothando lomculo, uma beke bakuholela lokhu kwakuba yibhonasi.
UDoc Shebeleza uqhamuka kude nomculo kanti uthi kule mboni akulula neze kodwa kuyabekezelwa.
Manje usezibandakanye nohulumeni ekwakheleni abahlwempu izindlu. Uthi sebakhe izindlu ezingu-25 kulezi zinyanga ezimbili ezedlule.
- News24