Umbono: Bazwelana no'Queen'
2012-04-02 16:54
Cape Town - Kuphinde kwavela amanye amahlazo ngomyeni kaSophie ‘Queen’ Ndaba,
uMbhishobhi uKeith Harrington. Kunoxhaxha lwabesifazane ekuthiwa
bathandana noHarrington. Abanye balaba ubeshadile nabo, abanye ubehlala
nabo.
Abafundi baphuwula ngombiko.
UMbulisi Gumede uthe: Mina ngokubona kwami sengathi uhlulekile ukukhetha u Queen.
UMountain Phakathi uthe: Basheshe bashada engamfundi ukuthi ungumuntu onjani. Wathi
uMpharanya thatha isikhathi sakho ukuze umazi umuntu. Umshado akusiwo umdlalo.
UFikile Ndlela uthe: USophie
umane waziphonsa kulelihuzu, abantu bacasha ngeBhayibheli bazenze abalungileyo kanti zimpisi ezigqoke iskhumba semvu. Ngiyamzwela uSophie
ngoba naye ubethi ulandela umshado.
USthe Mpanza uthe: Akaphephise bandla uQueen, kusho ukuth akanayo inhlanhla emshadweni akamane azihlalele ngeke afe bandla.
U-Anele Madikizela uthe: Kwabonakala ngokwenza umshado oyimfihlo, yake yenziwa kuphi leyonto ngempela?
UKnowmbuzo Ma'zwane Linda uthe: Lo Mbhishobhi ngavele ngabona ukuthi usile. Umfundisi onjani oxegelwa
ibhulukwe ehambe emithisa? Mina bengizoshiya phansi.
UNelly Nolhie Tshangana-Mashele uthe: Wakhetha
kahle uQueen, sonke sifunda ngamaphutha. kubuhlungu ukuthi ufunde kanzima, ngifisa athole ukuthula, nentokozo, akwazi ukumelana nalo mzuzu.
UZama Ngubane uthe: Akakhethanga kahle, akambuzanga uThixo ubezomnika izimpendulo ezifanele. Ubuke ngehlo lenyama.
U-Odwa Gabelana uthe : Bonke abefundisi abathembekile,bayizigebengu, bephethe amaBhayibheli.
UMuziwenhlanhla Ndaba uthe: Mina ngibona sengathi uSophie uthathe ngamawala, bekufanele azinike isikhashana ukuze athole ithuba lokumvivinya lomlisa.
UNsika 'Gabs' Gabela uthe: USophie wawuthathela phezulu umshado engamazi ukuthi uHarrington uphila mpiloni.
UKeys Dlamini uthe: Ngangivele ngazi! Nhlobon yoMfundisi enezingane eziningi kangaka ezincane, ngenjwayelo uMfundisi ushada no nina wabantwana bakhe.
URT Luthuli uthe: Uyiqili
umfundisi, udabuka eNigeria, kusho ukuth iuzobhubhisa kuleli laseNingizimu Afrika. Ngimufisela inhlanhla u Queen ahlukane naleli qola, labonakala
ngokushada isinyenyela.
UThulane Mlangeni uthe: Abefundisi bayabheda, kungcono umuntu ozophuzelayo kunemihlola
yalezinsuku yabeFundisi, mina ngazi umfundisi. UMfundisi lona ufana nalaba abangabadlwenguli. Bazifunani izifikanamthwalo abesifazane bakuleli?
UKhehla Mkhize uthe: Amadoda ase Nigeria afuna izinto ezimbili kumuntu wesifazane waseNingizimu Afrika, ukuba isakhamuzi
saku leli nolwazi abangalusebenzisa ukuqola abantu. Bashadeni-ke
bosisi, soyicela ivuthiwe.
ULindo Khehla Juju uthe: Usebenzisa igama lokuba nguMfundisi ukuze abantu bamethembe, lixhoshwa libhekile Sophie, angeke sikwahlulele.
UHappyness Mlilo uthe: Ayisekho into ekuthiwa ukwethembeka, amadoda ayafana.
UMbongeleni Ngubane uthe: Uma kukuhle kuye ejabule, ukhethe kahle asingeni ndawo thina.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24