Uhulumeni uzosiza uZahara

2012-04-23 11:55

Johannesburg - Uhulumeni wesifundazweni i-Eastern Cape usememezele ukuthi uzongenelela ekuzameni ukuxazulula ingwadla yobuphofu ebhekene nomzwilili odabuka esifundazweni uZahara, ogama lakhe langempela nguBulelwa Mkutukana.

Ukungenelela kukahulumeni kulandela imibiko ephume ephepheni iSunday World elibike ukuthi lo mculi akanayo imali, akaholelwa njengoba esahlala emzini womunye wabaphathi bakhe, okungabanikazi beTS records.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, amaSiko namaCiko uXoliswa Tom uthe uzohlangana namakomidi athize kubhekwe ukuthi ungasizakala kanjani umndeni wakwaMkutukana.

"Kuzohlanganwa kubhekwe ukuthi yiziphi izinyathelo ezingathathwa ukuzama ukusiza."

Udadewabo kaZahara, uNomonde, uthi umphathi kaZahara uThembinkosi Nciza ubashiya ngaphandle njengomndeni uma enza izethembiso, uthi uNciza ukhuluma eceleni nabazali abangaqondi lutho ngebhizinisi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...