Uhoxile kweyeJazz uJill Scott

2012-03-12 16:21

Cape Town - Ingqalabutho yomculi waseMelika uJill Scott angeke esacula kwindumezulu yekhonsathi yeJazz ebanjwa njalo ngonyaka edolobheni laseKapa iCape Town International Jazz Festival, kubika iDrum.

Ngokwemibiko lomculi owaziwa ngenoni iGettin' in the Way ophinda abonakale nakumafilimi, ubeqokwe ukuthi acule mhlaka-31 Mashi.

Incwadi ebhalelwe abadidyeli bekhonsathi ithi uScott uzobambeka njengoba kumele ayoqopha enye yamafilimi ekupheleni kwenyanga.

"Siphezu kwemizamo yokuthola omunye umculi onohlonze, nomake kunjalo kumele abathandi bomculo bazi ukuthi iCape Town International Jazz Festival ibophela abaculu abangaphezu kuka-40," kusho abagqugquzeli.

Ikhonsathi yezinsuku ezimbili izoqala mhlaka-30Mashi iya kumhlaka-31.

Amathikithi aseyatholakala ezitolo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...