Ugcine eboshiwe uSechaba

2013-02-25 10:05

Johannesburg - Umculi oshaya owokholo uSechaba Pali uchithe izinsuku eziyisihlanu etholoza esitokisini kulandela ukuboshwa ngemuva kokuvela kokuthi wakhulelisa intombazane esencane.

Lokhu kungemuva kokuthi iNkantolo yeMantshi yaseLadybrand  ithe akahlale esitokisini kuze kube nguLwesibili, nalapho kulindeleke khona ukuthi afake isicelo sebheyili.

USechaba waboshwa ngesonto eledlule kulandela udaba olwaphuma kuSunday World emasontweni emabili edlule lokuthi waba nengane nentombazane, 15.

Ube esezinikela emaphoyiseni aseWelkom ngoLwesibili.

Amaphoyisa aseWelkom abe esemdlulisela eTweespruit, eFree State, nalapho echithe khona izinsuku ezimbili ngaphambi kokuvela enkantolo.

Kuvele ukuthi leli cala lingaphansi kukaSchedule 6, noqukethe amacala abucayi kakhulu.

Unkosikazi kaSechaba, uJulie, uveze ukuthi umndeni wentombazane wawuvele unezinhloso zokuqola lo mculi kwasekuqaleni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...